Inqubomgomo Yobumfihlo

Isingeniso:

Ubumfihlo bakho bubalulekile. E-amandla.mobi, sizinikele kakhulu ekuvikeleni ulwazi oluqondene nomuntu siqu osihlinzeka ngalo ngokubamba iqhaza kwakho emikhankasweni yethu kanye nomsebenzi owakha inhlangano yethu. Siyasazi isibopho sethu esingokoMthetho Wokuvikela Ulwazi, 4 wezi-2014 (“i-POPIA”), futhi sizimisele ngokuqinisekisa ukuthi ulwazi oluqondene nawe siqu oluqoqiwe lusetshenziswa ngendlela efanele, esemthethweni, futhi ongayifihlelwe.

Okusemnyombweni wokuzibophezela kwethu wukuvikela ubumfihlo bakho, sethembisa ukuthi asisoze sathengisa ngolwazi oluqondene nawe siqu.

Le nqubomgomo ichaza indlela esithola, sisebenzise futhi sidalule ngayo ulwazi oluqondene nawe siqu, ngokwezimfuno ze-POPIA, kanye nezibopho zethu zobumfihlo.

Kule nqubomgomo, njalo uma kukhulunywa ngokuthi “amandla.mobi” noma “thina” kukhulunywa “nge-amandla.mobi”, okuyinhlangano engenzi nzuzo esekela inhlangano ekhulayo eholwa abantu besifazane abaMpisholo abanengeniso encane eqondene nokwakha iNingizimu Afrika enobulungiswa nosimamiswe abantu.

Isizathungqangi sokuqoqa ulwazi oluqondene nomuntu siqu:

Umsebenzi we-amandla.mobi wukwesekela ukuba noma ubani azwakalise izimvo zakhe ngemikhankaso, okubandakanya izikhalo, izimvo zomphakathi, imibhikisho noma ezinye izinyathelo zomphakathi. Umkhankaso ngamunye ubonisana nabathathizinqumo abasezikhundleni eziphezulu lapho baziswa ngezimfuno zomkhankaso. Ukuze kubonakaliswe ukusekelwa umphakathi emkhankasweni, kungase kudingeke ukuba sithumele igama lakho kubathathizinqumo. Ezinhlelweni eziningi ongangena kuzo ze-amandla.mobi, sicela ukuba uhlinzeke ngolwazi ngezinhloso zemikhankaso yethu, njengegama lakho, i-imeyli, inombolo yeselula kanye nesifundazwe. Lokhu akugcini ngokusisiza ukuqinisekisa imininingwane yakho, kodwa kuphinde kusisize sithathe izinyathelo ezidingekayo ukuze sisebenze ngempumelelo emikhankasweni, enhlanganweni yethu, futhi siqalise inhloso ye-amandla.mobi.

Sizoyisusa imininingwane yakho uma sekuphele umkhankaso ngaphandle kwalapho uvuma ukuba uqhubeke nokuxhumana ne-amandla.mobi nge-imeyli nenombolo yeselula noma lapho sivumeleke ngokomthetho ukugcina ulwazi isikhathi eside. Ungayeka ukuthola imininingwane (ukhethe ukuphuma) noma kunini ngokucofa inkinobho yokuphuma ekuma-imeyli ethu noma uphendule ngokuthi STOP emiyalezweni oyithola ngenombolo yeselula. Izigaba ezingezansi zenqubomgomo yobumfihlo zihlinzeka ngeminye imininingwane ngendlela yokuthola, ukusebenzisa kanye nokudalula ulwazi oluqondene nawe siqu.

Singobani:

Yakhelwe phezu kwenkolelo yokuthi wonke amaselula angasetshenziselwa ukwakha intandoyeningi, i-amandla.mobi iyinhlangano ekhulayo eholwa abantu besifazane abaMpisholo abanengeniso encane eqondene nokwakha iNingizimu Afrika enobulungiswa nosimamiswe abantu.

Luyini ulwazi oluqondene nomuntu siqu kanye nolwazi olukhethekile oluqondene nomuntu siqu:

Ulwazi oluqondene nomuntu siqu, ngokwe-POPIA, lusho ulwazi oluqondene nomuntu ohlonzekayo, ophilayo, ongumuntu ngokwemvelo, futhi lapho kusebenza khona, umuntu ohlonzekayo, umuntu ngokomthetho okhona, okubandakanya, kodwa kungagcini ngokulandelayo –

  1. Ulwazi oluqondene nobuhlanga, ubulili bokuhlonzeka, ubulili bemvelo, ukukhulelwa, isimo sokushada, ubuzwe, indabuko ngokobuhlanga noma ngokomphakathi, ubulili oziyamanisa nabo, iminyaka, isimo sempilo ngokwenyama nokomqondo, isimo senhlalakahle, ukuphila nokukhubazeka, inkolo, unembeza, inkolelo, isiko, ulimi, kanye nendawo yokuzalwa;
  2. Ulwazi oluqondene nezemfundo noma ezempilo, ezezimali, ubugebengu, noma umlando wokusebenza komuntu;
  3. Noma iyiphi inombolo ehlonzayo, uphawu, ikheli le-imeyli, inombolo yocingo, indawo yokuhlala, okuhlonza umuntu ku-inthanethi, noma umsebenzi othile owenziwa umuntu;
  4. Ulwazi lwebiometric lomuntu;
  5. Imibono yomuntu siqu, noma okukhethwa wumuntu;
  6. Imibhalo yokuxhumana ethunyelwe wumuntu engase idalule okuqukethwe embhalweni wokuxhumana oyisisusa;
  7. Imibono yomunye umuntu ngomunye umuntu; kanye
  8. Negama lomuntu uma livela nolunye ulwazi lomuntu siqu oluqondene nomuntu nalowo muntu uma ukudalulwa kwegama kungadala ukuba kudaluleke ulwazi ngomuntu.

Ngokwe-POPIA, isisekelo sezinqubo zethu siqukethe okulandelayo:

○          Uvume ukuba, noma uma uyingane, umzali wakho noma umnakekeli uvumile esikhundleni sakho;

○          Ukulungiswa kwemininingo kubalulekile ukuze kwenziwe imisebenzi yethu ukuze kuphethwe noma kwenziwe umsebenzi wethu umnikazi wemininingwane athinteka kuyo;

○          Ukulungiswa kwemininingwane kuhambisana nezibopho ezimiselwe inhlangano ngokomthetho;

○          Ukulungiswa kwemininingwane kuvikela izintshisekelo ezisemthethweni zabanikazi bemininingwane;

○          Ukulungiswa kuyadingeka ukuze umsebenzi omiselwe inhlangano ngokomthetho wezwe wenziwe ngempumelelo; noma

○          Ukulungiswa kwemininingwane kuyadingeka ukuze kuqhutshwe izintshisekelo ezisemthethweni zenhlangano noma ongahlangane ngqo ohlinzekwe ngolwazi.

Ulwazi olukhethekile oluqondene nomuntu siqu lusho izigaba zolwazi ezilandelayo:

○          Izinkolelo zezenkolo nezemicabango:

○          Ubuhlanga;

○          Indabuko ngokobuhlanga;

○          Ubulungu benyunyana yabasebenzi;

○          Izinkolelo zezepolitiki;

○          Ezempilo, kubandakanywa isimo sezempilo esingokwenyama noma ngokomqondo, ukuphila nokukhubazeka, kanye nomlando wokugula;

○          Ulwazi lwebiometric;

○          Isimo sezobugebengu lapho siqondene nezinsolo zokwenza noma iliphi icala noma izinqubo eziqondene nalelo cala.

Sizolungisa ulwazi olukhethekile oluqondene nomuntu siqu ezimweni ezllandelayo:

○          Uvumile ukuba lulungiswe (ezimweni lapho siphoqelekile ngokomthetho ukuthola imvume yakho); noma

○          Kunesidingo sokusebenzisa noma sokuvikela ilungelo noma isibopho somthetho; noma

○          Kudingeka ukuze kulandelwe izimiso zezibopho zomthetho zamazwe ngamazwe zezintshisekelo zomphakathi; noma

○          Kungenxa yomlando othile, ucwaningo, noma izinhloso zezibalo ezingaba nomthelela omubi emfihlweni yakho; noma

○          Wenze ngamabomu ukuthi ulwazi oluqondene nawe siqu lube ngolomphakathi.

Uhlobo lolwazi oluqondene nomuntu siqu esiluqoqayo, kanye nendlela esisebenzisa ngayo ulwazi:

Uhlu olungezansi aluvezi konke, kodwa lwendlala uhlobo lolwazi oluvamile okudingeka ukuba siluqoqe kuwe, abasebenzisi bethu, abahlinzeki bethu noma abahlinzeki bemisebenzi, kanye nakubasebenzi bethu, ukuze sikwazi ukwenza okudingekayo.

  1. Abasebenzisi

Sidinga ulwazi lwakho:

  • Ngezinhloso zemikhankaso yethu ukuze sibonisane nabathathizinqumo;
  • Ukukuhlinzeka ngemisebenzi yethu;
  • Ngezinhloso zomthetho nokulandela imithethonqubo;
  • Ukuxhumana nawe nokukuthumelela imibhalo nemibiko edingekayo, njl.;
  • Ukuze sikwazi ukuxhumana nawe ngemisebenzi esiyihlinzekayo;
  • Ukuqinisekisa imininingwane yakho;
  • Ukuhlangabezana nezidingo zemisebenzi esiyenzayo;
  • Ukugcina amarekhodi ayiwonawona nokwenza ucwaningomabhuku lwangaphakathi.

Izakhi Zemininingo Yabasebenzisi;

Imininingwane yokuxhumana, enjengalena:

  • Igama nesibongo sakho;
  • I-imeyli, ikheli leposi kanye/noma lendawo yokuhlala;
  • Izinombolo zokuxhumana (ucingo lwasendlini kanye/noma iselula);
  • Isifundazwe ohlala kuso, ukuze sikwazise lapho senza umkhankaso esifundazweni sakho.
  1. Abahlinzeki/ Abahlinzekimisebenzi

Sidinga ulwazi lwakho:

  • Ukubuyekeza izilinganisomanani;
  • Ukulungisa ama-oda okuthenga;
  • Ukuze sikwazi ukuthenga izinto eziqondene nomsebenzi;
  • Ngezinhloso zokuxhumana;
  • Ukuze sikwazi ukuhlonza nokwahlukanisa ibhizinisi lakho kwamanye;
  • Ngezinhloso zomthetho nokulandela imithethonqubo;
  • Ngezinhloso zentela;
  • Ngezinhloso zokukhokha.
  • Ukuhlangabezana nezidingo zemisebenzi esiyenzayo;
  • Ukugcina amarekhodi ayiwonawona nokwenza ucwaningomabhuku lwangaphakathi.

Abahlinzeki/ Izakhi Zemininingwane Yabahlinzekimisebenzi:

Imininingwane ehlonzekayo, enjengalena:

  • Igama Lesikhungo kanye negama lokuhweba noma Igama Nesibongo Somuntu:
  • Inombolo Yokubhaliswa kwesikhungo noma inombolo yokuhlonza yomuntu;

Imininingwane yokuxhumana, enjengalena:

  • I-imeyli, ikheli leposi kanye/noma lendawo yokuhlala;
  • Izinombolo zokuxhumana (ucingo lwasendlini kanye/noma iselula);

Imininingwane yokuhweba, enjengalena:

  • Imininingwane yasebhange;
  • Imininingwane yomuntu okuxhunyanwa naye;
  • Imininingwane yesikhundla somuntu;
  • Izinombolo ze-VAT;
  • Imininingwane edingekayo ukuze kuthunyelwe isibizelomali.
  1. Abasebenzi / Abase Baqashwe noma AmaCampaigner Fellow.

Sidinga ulwazi lokulandelayo:

   3.1 Abangase Baqashwe:

  • Ukulawula inqubo yokuqasha kanye nokunquma ngokufanela kwabasebenzi;
  • Ukuqinisekisa imininingwane yakho, ukufaneleka komsebenzi, umlando ngobugebengu kanye/noma imfundo;
  • Ukuxhumana ngomphumela wenqubo yesicelo yakho.

   3.2 Abasebenzi:

  • Ngezinhloso zezinkontileka zokuqashwa;
  • Ukuze uholelwe;
  • Ukuze kugcinwe izimiso zomthetho, njengokuqasha ngokulinganisa, i-BEE, kanye nemithetho eqondene nezemisebenzi;
  • Ngezinhloso zentela;
  • Ukuxhumana nawe ngezinhloso eziqondene nomsebenzi;
  • Ukuxhumana nezihlobo zakho lapho kunesimo esiphuthumayo;
  • Ngezinhloso zokubandakanya nokuhlukahlukana kwabantu;
  • Ukuze kuhlinzekwe ngokuqhubezela imfuno nokuthuthukiswa kwamakhono;
  • Ukuze kuqeqeshwe futhi kucathuliswe;
  • Ngezinhloso eziqondene nezemisebenzi njengekhefu emsebenzini, ukuqondiswa kobugwegwe, ukungabi sesimweni sokusebenza noma izinhloso ezihambisana nomsebenzi.
  • Maqondana nezinhloso zokuhlinzekwa kwemisebenzi, njengokukufaka kumakhasimende ethu, njl.

   3.3 AmaCampaigner Fellows noma Abangase Babe AmaCampaigner Fellow

  • Ukulawula inqubo yokukhetha nokuqasha kanye nenqubo yokunquma ngokufanela kwakho ukuba kuCampaigner Fellowship;
  • Ukuqinisekisa imininingwane yakho, ukufaneleka ukuba kuCampaigner Fellowship;
  • Ukuxhumana ngomphumela wesigaba ngasinye senqubo yokukhetha;
  • Ngenhloso yenkontileka yeCampaigner Fellowship;
  • Ukuze ukhokhelwe isihlinzekelo;
  • Ukuze kugcinwe umthetho, okubandakanya izinhloso zezentela lapho kufanelekile.

Izakhi Zemininingwane Yabasebenzi noma amaFellow/ Abangase Baqashwe noma Amafellow:

 Imininingwane ehlonzekayo, enjengalena:

  • Igama nesibongo;
  • Umazisi / Iphasiphothi / IVisa Yokusebenza / Izinombolo Zokucasha Ezweni;
  • Inombolo Yomsebenzi.
  • Usuku lokuzalwa;
  • Ubulili;

Imininingwane yokuxhumana, enjengalena:

  • Izinombolo zokuxhumana (inombolo yocingo lwasendlini kanye/noma iselula);
  • Ikheli le-imeyli, leposi kanye/noma lendawo yokuhlala;

Imininingwane yokuxhumana ezimweni eziphuthumayo, enjengalena:

  • Igama nesibongo somuntu okuxhunyanwa naye ezimweni eziphuthumayo;
  • Ubudlelwano nokuxhunyanwa naye ezimweni eziphuthumayo;
  • Izinombolo zokuxhumana (inombolo yocingo lwasendlini kanye/noma iselula);

Imininingwane ngomholo, njengalena:

  • Imininingwane yasebhange;

 Ulwazi oluwumlando, njengalolu:

  • ICurriculum Vitae;
  • Izilimi ezikhulunywayo nezibhalwayo;
  • Iziqu zemfundo;
  • Umlando wobugebengu;
  • Imininingwane Yokuhweba;
  • Isipiliyoni somsebenzi kanye nomlando wokusebenza;
  • Uhlobo Lomuntu Owuye Ngokokuziphatha / Ukuhlolwa Ngokomqondo Nokuqonda;

Ulwazi oludingekayo ngokomthetho, njengalolu:

  • Ubuhlanga;
  • Isimo sokuphila nokukhubazeka;
  • Ukuqashwa, amakhono, kanye nolwazi oluqondene nawo
  • Ulwazi oluqondene nentela;

Ukuqoqwa kolwazi ngokusebenzisa ‘amaKhukhi”

Ulwazi kanye nemininingwane yakho kungase kuqoqwe ngokuzenzekela ngendlela yokusebenza evamile yamaseva e-inthanethi kanye nangokusebenzisa “amakhukhi.” “Amakhukhi” angamafayela ombhalo amancane angasetshenziswa iwebhusayithi ukubona abasebenzisi ababuya bephindelela, ilawula ukuqhubeka kokufinyelela kwabasebenzi futhi isebenzise iwebhusayithi ukulandelela indlela okusetshenziswa ngayo nokudidiyelwa ngayo imininingwane evamile ezokwenza ukuba kuthuthukiswe okuqukethwe kanye nalabo okuqondiswe izikhangiso kubo. Amakhukhi akasizo izinhlelo ezingena ohlelweni lwakho zizolimaza amafayela.

Ngokuvamile, amakhukhi asebenza ngokukhipha inombolo ehlukile engeyakho kuphela engenancazelo ngaphandle kwewebhusayithi eyikhiphile. Uma ungafuni ukuba ulwazi oluqoqiwe lusebenzise amakhukhi, kunenqubo elula ekumabhrawuza amaningi ekuvumela ukuba wenqabe noma wamukele uhlelo lwamakhukhi; nokho, kumele wazi ukuthi amakhukhi angase adingeke ukuze sikuhlinzeke ngezinhlelo ezithile (isib. ukuhlinzeka ngolwazi oluqondene nawe siqu) olutholakala kumawebhusayithi ethu.

Siluthola kanjani olwazi oluqondene nomuntu siqu futhi silusebenziselani:

Sizosebenzisa ulwazi oluqondene nawe siqu ngezinhloso oluqoqelwe zona kuphela futhi okuvunyelwene nawe ngazo. Phezu kwalokho, lapho kudingeka, ulwazi lwakho lungase lugcinwe ngezinhloso zomthetho noma ukuthuthukisa ukuhlinzekela abasebenzi.

Singase futhi siqoqe ulwazi lwakho ngezinhloso ezilandelayo:

  • Ukuthola imininingwane yokuxhumana;
  • Ukuqinisekisa iminingwane yakho noma ukuqinisekisa ukuthi ungumsebenzisi ogunyaziwe ngezinhloso zezokuphepha;
  • Ukuze kubonakale futhi kuvikelwe ukukhwabanisa, ubugebengu, ukushintshanisana ngemali okungekho emthethweni, noma ezinye izinqubo ezingekho ethethweni;
  • Ukwenza ucwaningo lokuhlola ukwanelisa imakethe noma abasebenzisi noma ukucubungula izibalo;
  • Ngezinhloso zocwaningomabhuku kanye nokugcinwa kwamarekhodi;
  • Maqondana nezinqubo zomthetho;
  • Ngezinhloso zocwaningomabhuku nokugcinwa kwamabhuku;
  • Ngezinhloso zokuhlinzeka ngomsebenzi.

Singaqoqa noma sithole ulwazi oluqondene nawe siqu:

  • kuwe ngqo;
  • ngesikhathi sixhumana nawe;
  • lapho uvakashela futhi/noma ungena kuwebhusayithi yethu noma ezinkundleni zokuxhumana noma ezinhlelweni ze-IT;
  • kumuntu ongahlangane ngqo ogunyazwe ukuba asinike lolo lwazi;
  • ngeselula noma ngenye i-app yesoftiwe eyakhelwe noma esetshenziswa i-amandla.mobi.

Lolu lwazi singase siludlulisele abalandelayo:

Singaqasha izinkampani kanye nabantu abazimele ukuze basilawulele umsebenzi wethu, bahlinzeke ngemisebenzi egameni lethu, benze imisebenzi eqondene nesikuhlinzekayo, ukuze bahlinzeke ngengqalasizinda yezokuphepha neye-IT, ukusisiza senze imisebenzi yenhlangano yethu noma basisize ukuhlola ukuthi imisebenzi yethu ingasetshenziswa kanjani.

Laba abangahlangene ngqo bangafinyelela kulwazi oluqondene nawe siqu, kodwa bezokwenza le misebenzi kuphela egameni lethu futhi banesibopho sokuba bangadaluli noma bangalusebenziseli ezinye izinhloso. Lubalulekile kithi ulwazi oluqondene nawe siqu futhi abahlinzekimisebenzi bethu bakhethwa ngokuqikelela ukuze kuqinisekiswe ukuthi balandela izimiso zokuvikela kanye nezobuchwepheshe eziqondene nolwazi lwakho siqu.

Njengomsebenzi, singase sidinge ukwabelana nabahlinzekimisebenzi noma ozakwethu abagunyaziwe ngolwazi lwakho. Phezu kwalokho, ngenxa yokuthi kunezinkathi lapho singeka sikwazi ukubonisana nabasebenzi emiphakathini ehlukene, singase sidinge ukwabela abasebenzisi ulwazi oluqondene nawe siqu ukuze sifeze imisebenzi yethu esizibophezele kubo ngayo.

Futhi singase sisebenzise abahlinzekimisebenzi abangahlangene ngqo ukuze bahlole indlela imisebenzi yethu esetshenziswa ngayo.

Futhi singase sidinge ukuba sidalule ulwazi lwakho:

  • Lapho sinomsebenzi noma ilungelo lokudalula ngokomthetho noma ngokwezimiso zemboni;
  • Lapho sikholwa wukuthi kuyadingeka ukuze sivikele amalungelo ethu.
  • Singase sidinge ukwabelana ngolwazi lwakho lapho sikholwa wukuthi kuyadingeka ngokomthetho, izinqubo zomthetho noma ukusiza ukuvikela amalungelo kanye nokuphepha kwakho , kwethu, noma kwabanye. Siyazama ukwazisa amalungu ethu lapho umthetho udinga imininingwane yawo lapho kufanele ngokokubona kwethu naphandle kwalapho kungavumelekile ngokomthetho noma ngokomyalelo wenkantolo noma lapho kunesicelo ngokwezimo eziphuthumayo. Singase siphikisane nalezo zimfuno uma sikholwa wukuthi, ngokokunquma olulele emandleni ethu, ukuthi izicelo zeqile, azicacile, noma aziveli kuziphathimandla ezifanele, kodwa asethembisi ukuthi sizolwa nazo zonke izimfuno.

Silugcina kanjani ulwazi oluqondene nawe siqu:

Ulwazi lwakho lugcinwa ngendlela eyimfihlo:

Siphoqelekile ngokomthetho ukuhlinzeka ngokuvikeleka okufanele kolwazi oluqondene nomuntu siqu esilugodlile futhi sinqande ukufinyelela okungagunyaziwe kanye nokusetshenziswa kolwazi oluqondene nomuntu siqu. Ngokuqhubekayo, sizoqhubeka nokubuyekeza izindlela zokulawula ukuphepha zethu kanye nezinqubo ezihambisana nakho ukuqinisekisa ukuthi ulwazi oluqondene nawe siqu luhlala luvikelekile.

Izinqubomgomo zezokuphepha zethu kanye nezinqubo zibandakanya:

  • Ukuphepha ngokwenyama;
  • Ukuphepha ngokwamakhompyutha namanethiwekhi;
  • Ukufinyelela kulwazi oluqondene nomuntu siqu;
  • Ukuxhumana ngokuphephile;
  • Ukuphepha lapho kuqokwa abazokwenza imisebenzi nemibuthano;
  • Ukugcina nokuchitha ulwazi;
  • Ukusebenzisa ulwazi oluqondene nomuntu siqu ngendlela eyamukelekile;
  • Izinkinga zezokuphatha nokulawula;
  • Ukuqapha ukufinyelela nokusebenzisa ulwazi olugcinwe ngasese lomuntu;
  • Ukuphenya nokuthatha izinyathelo lapho kunezigameko zezokuphepha.

Lapho siqoka abangahlangene ngqo, sibamisela izibopho zezokuphepha, nezobumfihlo, lapho kungenasivumelwano nongahlangane ngqo esivikela ulwazi lomuntu siqu, ukuqinisekisa ukuthi ulwazi oluqondene nomuntu siqu esinomthwalo ngalo, lugcinwa kuphephile.

Ukulungisa ulwazi oluqondene nomuntu siqu:

 Iwebhusayithi kanye namashaneli eselula e-amandla.mobi angawabasebenzisi abaneminyaka eyi-13 kuya phezulu.

 Iwebhusayithi yethu ayihloselwe izingane ezingaphansi kweminyaka eyi-13 futhi angeke siqoqe, sisebenzise, sihlinzeke noma silulungise nganoma iyiphi enye indlela ulwazi lomuntu siqu lwezingane ezingaphansi kweminyaka eyi-13 ngenhloso.

Ngakho, siphinda sicela ukuthi uma ungaphansi kweminyaka eyi-13, ungasithumeleli ulwazi oluqondene nawe siqu (isibonelo, igama lakho, ikheli kanye nekheli le-imeyli). Uma ungaphansi kweminyaka eyi-13 futhi usafisa ukubuza umbuzo noma ukusebenzisa le webhusayithi ngandlela thize edinga ukuthi uthumele ulwazi oluqondene nawe siqu sicela ucele umzali noma umuntu okugadayo ukuthi akwenzele.

Ukufinyelela kulwazi oluqondene nomuntu siqu okungaphezu kwamandla ethu:

 Kunezigameko ezingavamile lapho ilungu lomndeni elisuka liqonde ukwenza okuhle, umngani noma umlingani befaka igama lakho, ikheli le-imeyli kanye/noma inombolo yeselula kuwebhusayithi yethu, ngaphandle kwemvume yakho. Asinawo amandla okulawula lezo zenzo, ngoba asikwazi ukuqinisekisa ukuthi impela bekunguwe ofake imininingwane eqondene nawe siqu.

ENingizimu Afrika, kuvamile ukuba amanethiwekhi eselula anike umuntu inombolo eyayingeyomunye ngaphambilini, osekunesikhathi eside ingasetshenziswa. Ezimweni ezingavamile kungenzeka ukuba uthola umyalezo kuselula yakho ivela ku-amandla.mobi, nakuba wake wayinika imandla.mobi inombolo yakho yeselula futhi ukhethe ukuphuma ungasayithola imiyalezo. Ngokuvamile, lokhu kwenziwa wukuthi inombolo yakho yeselula yake yasetshenziswa womunye umuntu, ngaphambi kokuba ivuswe futhi umhlinzeki wenethiwekhi yeselula wakho kungeye okunike leyo nombolo. Asinakuzilawula izenzo ezinjalo, ngoba asaziswa amanethiwekhi eselula lapho inombolo ivuselelwa.

Uma ungathandi ukuthola olunye ulwazi oluvela ku-amandla.mobi, sikukhuthaza ukuba ukhethe ukuphuma ungasathunyelelwa imiyalezo.

Ukugcinwa kwemininigwane kanye namalungelo nezibopho zobumfihlo zakho:

Sigcina iningi lamarekhodi olwazi oluqondene nawe siqu sibe sisanenhloso, sidinga ukukuhlinzekela ngemisebenzi noma lapho kunesibopho sokwenza lokho ngokomthetho. Sizogcina nolwazi lwakho lapho uvumile ukuba senze njalo, noma usivumele ukuthi singakwazi ukulugcina.

Kungase kudingeke ukuba kugcinwe olunye ulwazi oluqondene nawe noma sekuphele umkhankaso, uma kudingeka ukuze kulandelwe izibopho zomthetho, kuhlangatshezanwe nezidingo zokulawula, kuxazululwe izimpikiswano, kugcinwe ukuphepha, kuvikelwe ukukhwabanisa nokuhlukumeza, kuphoqelelwe ezinye zezivumelwano zethu nabasebenzisi, noma kugcwaliswe isicelo sakho sokuphikisa ukuba silungise ulwazi lwakho.

Unamalungelo aqondene nolwazi oluqondene nawe siqu. Kuningi ongakhetha kukho maqondana nokuthi ulwazi lwakho luqoqwa, lusetshenziswe futhi lwabiwe kanjani.

Ezimweni ezithile, ngokomthetho, unelungelo lokwenza okulandelayo:

  • Ukucela ukufinyelela olwazini lwakho: Ufanelekile ukufinyelela kulwazi oluqondene nawe siqu ngokuthumela isicelo esibhaliwe [email protected] esiqashwa isikhulu solwazi. Kukhona ukukhululwa okuthile, okusho ukuthi zingaba khona izikhathi lapho ungeke waziswe ngolwazi esilulungisayo. Lapho singakwazi ukukunika ikhophi kungenziwa emuva kokuba ukhokhiswe inani elithize, ozokwaziswa ngalo ngesikhathi ufaka isicelo.
  • Ushintsho noma ulwazi oluyilonalona: Unelungelo lokucela ukuba silungise noma sichibiyele noma iluphi ulwazi oluqondene nawe siqu okungenzeka ukuba seluphelelwe isikhathi, lushintshile noma lapho lunephutha. Silungisa noma woluphi ulwazi ngokushesha kuncike emandleni ethu okushesha.
  • Ukusula ulwazi: Ungacela ukuba sishabalalise, sisule, noma sisuse ulwazi oluqondene nawe siqu ezimweni ezithile. Isikhulu solwazi, uPaul Mason, uzocubungula isicelo sakho ngokwemithetho efanele, imithethonqubo, noma amaphuzu anqanda ukushatshalaliswa kolwazi oluqondene nawe siqu.
  • Ukuphikisana nokulungiswa kolwazi: Ungakwenza lokhu lapho sethembele ezintshisekelweni zakho ezisemthethweni, izintshisekelo zomphakathi, noma izintshisekelo zethu ezisemthethweni (noma lezo zongahlangene ngqo) futhi kunento ethile ngesimo sakho eyenza ufune ukuphikisana nokulungiswa kolwazi ngenxa yalokhu. Unanelungelo lokuphikisa lapho silungisa imininingwane yakho ngezinhloso zokwazisa ngokuqondile noma lapho uvumile ngokwezinhloso ezibaluliwe futhi usufuna ukuhoxisa ukuvuma kwakho. Ukuhoxisa ukuvuma kwakho akuluchithi ulwazi esisuka sesilulungisile ngokomthetho ngenkathi usavumile.
  • Ukucela ukuba kube nesithiyo lapho lulungiswa: Ungasicela ukuba simise ukulungiswa kolwazi oluqondene nawe siqu, isibonelo, uma ufuna ukuba sithole ubuqiniso noma isizathu sokulungiswa kwalo.

Sicela usithinte [email protected] uma ufisa ukufaka isicelo.

Ushintsho esazisweni sethu sobumfihlo:

Ushintsho esazisweni sobumfihlo lusebenza ekusebenziseni kwakho imisebenzi yethu. Singase sichibiyele lesi saziso sobumfihlo ngezikhathi ezithile, ngokulandela ushintsho lomthetho. Lapho kwenziwe ushintsho olukhulu, sizokhipha isaziso ngezinhlelo zethu, noma ngenye indlela, ukukuhlinzeka ngethuba lokubuyekeza ushintsho ngaphambi kokuba luqaliswe.

Uyazisa ukuthi ukuqhubeka kokusetshenziswa kwemisebenzi yethu emuva kokushicilelwa koshintsho kulesi saziso sobumfihlo kusho ukuthi ukuqoqa, ukusebenzisa, nokwabelana ngolwazi oluqondene nawe siqu kuncike esazisweni sobumfihlo ezibuyekeziwe.

Olunye ulwazi olubalulekile:

Ezokuphepha:

Simise izinhlelo zezokuphepha ezifanele zokuvikela imininingwane yakho ekutheni ingalahleki, ingasetshenziswa, noma kungafinyelelwa kuyo ngendlela engagunyaziwe, ephazanyisiwe, noma engadaluliwe. Phezu kwalokho, zimise umkhawulo ekufinyeleleni kulwazi oluqondene nawe siqu ngokohlelo lokwazi ngokuqondene nebhizinisi kuphela, futhi kuncike emthwalweni wobumfihlo.

Ukudluliselwa kolwazi ngaphandle kwemingcele:

Kwezinye izinkathi, abangahlangane ngqo esibasebenzisela ukukuhlinzeka ngemisebenzi bangahlala kwelinye izwe (isibonelo, umsebenzi we-cloud, uhlelo noma iseva). Kungadingeka ukuba kudluliswe ulwazi oluqondene nawe siqu ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika; nokho, kuzokwenzeka inqobo uma lokho kuhwebelana kudinga ukuba kulungiswe ngaphandle komngcele. Kulezo zimo, ulwazi oluqondene nomuntu siqu luyodluliswa ngokwezidingo ze-POPIA kanye/noma ezinye izimfuneko zemithetho yaseNingizimu Afrika, kanye/noma uma abanikazi bolwazi bevumile ukuba kudluliswe ulwazi oluqondene nomuntu siqu kwabangahlangene ngqo abakwelinye izwe. Ezimweni zokudluliselwa kolwazi oluqondene nomuntu ngqo ngaphandle kwemingcele sizothatha izinyathelo ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi ulwazi oluqondene nomuntu siqu lulungiswa ngokwemithetho yamandla olwazi oludluliselwa kubo kanye/noma imithetho yenkampani eyisibopho noma izivumelwano eziyisibopho ezimisiwe ezihlinzeka ngamazinga okuvikela ezingeni elanelisayo ngokwemigomo ye-POPIA.

Olunye ulwazi oluqondene nomuntu siqu luqoqwa ngokuzenzekela ngabangahlangene ngqo esisebenzisa ubuchwepheshe babo ngamawebhusayithi futhi sithola ulwazi lwezibalo lwamawebhusathi. Abanye kwabangahlangene ngqo bazoba ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika, futhi ulwazi lwakho luzogcinwa ngaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika. Sisebenzisa izibalo zamawebhusayithi, futhi ulwazi oluqoqwe ngabangahlangane ngqo luzogcinwa kumaseva asetshenziswe umhlinzeki wezibalo zewebhusayithi.

Indlela yokukhalaza:

Uma kukhona okukukhathazayo maqondana nendlela i-amandla.mobi esebenzisa noma elungisa ngayo ulwazi oluqondene nawe siqu, ungathumela isikhalo kithi [email protected]. Isikhulu Solwazi sethu sizocubungula izikhalo zakho futhi silawule inqubo yakho.

Uma ubona ukuthi isikhalo sakho asixazululwanga ngendlela ekwanelisayo, ungakwazi nokufaka isikhalo esiqondiswe kuMlawuli Wolwazi.

Imininingwane yethu, kanye neyoMlawuli Wolwazi, ibhalwe ngezansi.

Imininingwane yokuxhumana nathi:

Uma unombuzo, sicela uthumele i-imeyli [email protected]

Isikhulu Solwazi sethu: Paul Mason

Ikheli le-imeyli: [email protected]

P.O. Box: PostNet Suite 6

Private Bag X4

Braamfontein 2001

Johannesburg

ENingizimu Afrika

Inombolo Yocingo: 087 822 2956 (inombolo yasehhovisi)

IManuwali Yokugqugquzela Ukutholakala Kolwazi (i-PAIA)

Imininingwane yokuxhumana noMlawuli Wolwazi:

Unelungelo lokufaka isikhalo siye kuMlawuli Wolwazi waseNingizimu Afrika. Bheka imininingwane yoMlawuli Wolwazi ngezansi.

Ikheli Lendawo: Woodmead North Office Park,

54 Maxwell Drive,

Woodmead,

Johannesburg

Ikheli Leposi: P.O. Box 31533, Braamfontein, Johannesburg, 2017

Iwebhusayithi: https://inforegulator.org.za/  

I-imeyli Yezikhalo Nge-POPIA: [email protected]  

I-imeyli Yezikhalo Nge-PAIA: [email protected]

I-imeyli yemibuzo evamile: [email protected]