izimiso

I-amandla.mobi ibilokhu ihola ukulwa nezinselelo zezimo eziqhubekayo ezinhlanganweni zomphakathi, kubushoshovu kanye nakwezentuthuko. Sihole ukubekwa phambili kombono wokudala ushintsho olungokohlelo, sidinga ukuhlomisa labo abalinyazwe kakhulu wukungabibikho kobulungiswa ngezinsiza abazidingayo ukuze babe negalelo ezinqumweni ezithinta impilo yabo. Imigomo eyisithupha engezansi iveza ukuthi sikwenza kanjani esikumise ezimisweni zethu.

Silwela ubulungiswa ndawonye

Sithi Amandla, kusuka ekulweni nobandlululo kumenyezwa kuthiwa Amandla Awethu, okusho ukuthi amandla angawabantu. Ngokunxenxa inqwaba yabantu sididiyela izikhalo, izimvo zomphakathi, imibhikisho kanye nezinye izindlela zokuhlasela ezisekelwe amandla abantu. Ukunxenxa amalungu ethu kanye nokuhlanganyela nezinhlangano zomphakathi ezinenqubekela phambili kwenza kube nzima ukuba abathathizinqumo basizibe.

Abakhishwe inyumbazane banezwi

Abantu abakhishwe inyumbazane, ikakhulukazi abantu besifazane abaMpisholo ababuya emakhaya anengeniso encane, babonakala bengenazwi. Eqinisweni, sivame ukuhola imizabalazo yokulwela ubulungiswa. Sitshala futhi sisebenzele ukuhlinzekela abahleli basemphakathini ukuze bakwazi ukunqoba emikhankasweni. Uma kuthuthuka impilo yeningi elikhishwe inyumbazane, neyabanye iyathuthuka.

Sesisondele kakhulu esisombululweni

Amava okukhishwa inyumbazane esaphila ngaphansi kwawo, wenza sibe wongoti ekuhlonzeni umsuka wenkinga kanye nezisombululo ezingagcineka. Ngokulungisa ukuqhelelana kwezimpendulo ezivela kulabo abayiziphathimandla, kanye nalabo abathintwa kakhulu yizinqumo zabo, sisiza ukuqhuba ukuphatha okuhle ngokuqinisekisa ukuthi siba khona lapho kuthathwa izinqumo.

Ukuqeda izithiyo ekubambeni iqhaza

Siguqule wonke amaselula aba yinsiza yokwakha intandoyeningi labantu. Ngokuvama ukuhola nokuqhamuka namasu amasha, sakhe izinsiza zezobuchwepheshe ezingezomphakathi eziqeda ukuqhelelana ngokobuchwepheshe. Noma ngabe umuntu uhlala kuphi, ukhuluma luphi ulimi, noma ukhathazeka ngaziphi izinkinga, singanxenxa abantu babe yisibalo esingenza sinqobe emikhankasweni.

Masingagotshiswa abasemandleni

Ukuqinisekisa ukuthi sizimele futhi asichemile, asilwamukeli uxhaso lwalabo esifuna ukubaphendulisa ngezenzo zabo, njengohulumeni wethu noma izinkampani ngqo. Sizakhele igama elidale ukuba sethenjwe njengenhlangano, ozakwethu kanye nabakhishwe inyumbazane ngokuhlala eqinisweni, ukubeka eqhulwini izinkinga zamalungu kanye nokuma emgomweni wethu.

Asishenxi ekwenzeni umehluko

Siyaqhubeka nokusebenzela ukuba nomthelela omkhulu ngokusebenzisa izinsiza zethu kanye nesikhathi ngempumelelo. Sithatha amathuba, sibekezele ebunzimeni, sifunde ngokwahluleka futhi sibe nomthwalo ngesikwenzayo. Ngokuhlola nokufunda, siyalucolisisa uhlelo lomkhankaso wethu ukuze siqhubeke nokuphokophela ekubeni nomthelela omkhulukazi.